13. Bhekani, uyakhuphuka njengamafu,izinqola zakhe zinjengesivunguvungu,amahhashi akhe anejubane kunezinkozi.Maye kithina, ngokuba sichithiwe!
14. Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho,kuphume ububi,ukuze usindiswe.Koze kube nini imicabango yakhoemibi ihlala phakathi kwakho na?
15. Ngokuba izwi liyamemezela liphuma kwaDani;lizwakalisa okubi kuvela ezintabeni zakwa-Efrayimi.