10. Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova, ubakhohlisile nokubakhohlisa laba bantu neJerusalema ngokuthi: ‘Niyakuba nokuthula;’ nokho inkemba ifinyelele emphefumulweni.”
11. Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu nakulo iJerusalema: “Ishisandlu elivela emadulini angenalutho liya endodakazini yabantu bami, lingayikubahlakaza, lingayikubahlunga.
12. Umoya omkhulu kunokuba kwenziwe lokhu uyakuphuma kimi. Manje sengiyakukhuluma nami ukwahlulela kubo.”
13. Bhekani, uyakhuphuka njengamafu,izinqola zakhe zinjengesivunguvungu,amahhashi akhe anejubane kunezinkozi.Maye kithina, ngokuba sichithiwe!