Ujeremiya 4:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Uma uphenduka, Israyeli,” usho uJehova,“uyakuphendukela kimi;uma ususa ebusweni bami izinengiso zakho,awuyikuntengantenga.

2. Uyakufunga ngeqiniso,nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi:‘Kuphila kukaJehova,’izizwe ziyakuzibusisa kuye,zizibonge kuye.”

3. Ngokuba usho kanje uJehova kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi:“Qathani umqatho wenu,ningatshali phakathi kwameva.

4. Zisokeleni kuJehova,nisuse amajwabu ezinhliziyo zenunina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema,funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo,kuvuthe, kungabikho ongakucima,ngenxa yobubi bezenzo zenu.

Ujeremiya 4