Kwathi lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda nawo onke amadoda empi bezibona, babaleka, bephuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi ngesango phakathi kwezingange zombili; waphuma ngendlela yase-Araba.