Ujeremiya 38:18-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. kepha uma ungaphumi uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, lo muzi uyakunikelwa esandleni samaKaledi, awushise ngomlilo, ungaphunyuki esandleni sabo.’ ”

19. Inkosi uSedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyesaba abaJuda abahlubukele kumaKaledi, funa nginikelwe esandleni sabo, bangiklolodele.”

20. Kepha uJeremiya wathi: “Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe; kuyakuba kuhle kuwe, umphefumulo wakho uphile.

21. Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi:

22. Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele; bheka, bayakuthi:“ ‘Abahlobo bakho abakhulu bakududile,bakwahlula;kepha lapho izinyawo zakhezishone exhaphozini,babuyele emuva.’

23. “Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho; awuyikuphunyuka esandleni sabo, kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo.”

24. USedekiya wayesethi kuJeremiya: “Makungabikho muntu owazi lawa mazwi, funa ufe.

25. Uma izikhulu zizwa ukuthi ngikhulumile nawe, bese zifika kuwe, zithi kuwe: ‘Ake usitshele okukhulumileyo enkosini, ungasifihleli khona, asiyikukubulala, nalokho inkosi eyakukhuluma kuwe,’

26. uyakuthi kubo: ‘Nganxusa enkosini ukuba ingangibuyiseli endlini kaJonathani, funa ngifele khona.’ ”

27. Zonke izikhulu zafika kuJeremiya, zambuza. Wazitshela onke lawa mazwi inkosi emyale ngawo. Zathula, zasuka kuye, ngokuba indaba ayizwakalanga.

28. Kepha uJeremiya wasala egcekeni letilongo, kwaze kwafika usuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.

Ujeremiya 38