1. UShefathiya indodana kaMathani, noGedaliya indodana kaPhashuri, noJukali indodana kaShelemiya, noPhashuri indodana kaMalikhiya bawezwa amazwi uJeremiya awakhulumayo kubo bonke abantu ukuthi:
2. “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila, nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’
3. Usho kanje uJehova, uthi: ‘Lo muzi uyakunikelwa nokunikelwa esandleni sempi yenkosi yaseBabele, iwuthathe.’ ”
4. Zase zithi izikhulu enkosini: “Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo, ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi.”
5. USedekiya inkosi wayesethi: “Bhekani, usesandleni senu, ngokuba inkosi ayinamandla okuphambana nani ngalutho.”