Ujeremiya 37:2-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Kepha yena nezinceku zakhe nabantu bezwe abawalalelanga amazwi kaJehova awakhulumayo ngesandla sikaJeremiya umprofethi.

3. USedekiya inkosi wathuma uJehukali, indodana kaShelemiya, noZefaniya, indodana kaMahaseya, umpristi, kumprofethi uJeremiya, wathi: “Ake usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu.”

4. UJeremiya wangena, waphuma phakathi kwabantu, ngokuba babengakamfaki etilongweni.

5. Impi kaFaro yayisiphumile eGibithe; lapho amaKaledi avimbezela iJerusalema ekuzwa, akhuphuka eJerusalema.

6. Lase lifika izwi likaJehova kumprofethi uJeremiya, lithi:

7. “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Niyakusho kanje enkosini yakwaJuda eyanithuma kimi ukubuza kimi, nithi: ‘Bheka, impi kaFaro ephume ukunisiza iyakubuyela eGibithe, izwe lakubo.

8. AmaKaledi ayakubuya, alwe nalo muzi, awuthathe, awushise ngomlilo.’

9. “Usho kanje uJehova, uthi: Ningazikhohlisi ngokuthi: ‘AmaKaledi ayakusuka nokusuka kithi;’ ngokuba awayikusuka.

10. Ngokuba noma benichithile impi yonke yamaKaledi elwa nani, kwaze kwasala abantu abagwaziweyo bodwa phakathi kwabo, bona bebeyakuvuka, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, bawushise lo muzi ngomlilo.”

11. Kwathi lapho impi yamaKaledi isikhuphukile eJerusalema ngokwesaba impi kaFaro,

12. uJeremiya waphuma eJerusalema ukuba aye ezweni lakwaBenjamini ukuthola khona isabelo sakhe phakathi kwabantu.

Ujeremiya 37