13. Lapho esesangweni lakwaBenjamini, kwakukhona lapho inkosi yabalindi egama layo lalingu-Iriya indodana kaShelemiya kaHananiya; yambamba uJeremiya umprofethi, yathi: “Uyahlubukela kumaKaledi.”
14. Kepha uJeremiya wathi: “Amanga. Angihlubukeli kumaKaledi.” Kepha ayimlalelanga; u-Iriya wayesembamba uJeremiya, wamyisa ezikhulwini.
15. Izikhulu zamthukuthelela uJeremiya, zamshaya, zamfaka etilongweni endlini kaJonathani umbhali, ngokuba zaziyenze itilongo.
16. Lapho uJeremiya esengene endlini yomgodi ezindlwaneni ezingaphansi, uJeremiya esehlale khona izinsuku eziningi,