Ujeremiya 36:5-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. UJeremiya wamyala uBaruki ngokuthi: “Ngivalelwe, anginakungena endlini kaJehova.

6. Hamba wena, ufunde emqulwini owulobileyo, uthathe emlonyeni wami, amazwi kaJehova ezindlebeni zabantu endlini kaJehova ngosuku lokuzila ukudla, uwafunde nasezindlebeni zabo bonke abakwaJuda abavela emizini yakubo.

7. Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.”

8. UBaruki indodana kaNeriya wenza njengakho konke uJeremiya umprofethi amyala ngakho, efunda encwadini amazwi kaJehova endlini kaJehova.

9. Kwathi ngomnyaka wesihlanu kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye bonke abantu baseJerusalema nabo bonke abantu ababevela emizini yakwaJuda beza eJerusalema, bamemezela ukuzila ukudla phambi kukaJehova.

10. UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni likaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.

11. UMikhaya indodana kaGemariya kaShafani wezwa onke amazwi kule ncwadi,

12. wehlela endlini yenkosi ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhlezi khona zonke izikhulu, u-Elishama umbhali, noDelaya indodana kaShemaya, no-Elinathani indodana ka-Akibori, noGemariya indodana kaShafani, noSedekiya indodana kaHananiya, zonke izikhulu.

13. UMikhaya wazitshela onke amazwi ayewezwile, lapho uBaruki eyifunda incwadi ezindlebeni zabantu.

14. Ngalokho zonke izikhulu zathuma uJehudi indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKushi kuBaruki, zathi: “Umqulu owufundileyo ezindlebeni zabantu wuthathe ngesandla sakho, uze nawo.” UBaruki indodana kaNeriya wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, weza kuzo.

15. Zathi kuye: “Ake uhlale phansi, ufunde ezindlebeni zethu.”UBaruki wayesefunda ezindlebeni zazo.

Ujeremiya 36