Ujeremiya 36:18-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. UBaruki wathi kuzo: “Wawaphumisela onke lawa mazwi kimi ngomlomo wakhe, ngawaloba encwadini ngoyinki.”

19. Zase zithi izikhulu kuBaruki: “Hamba ucashe, wena noJeremiya, kungazi muntu lapho nikhona.”

20. Zase zingena enkosini egcekeni; sezibeke umqulu ekamelweni lika-Elishama umbhali zalanda onke amazwi ezindlebeni zenkosi.

21. Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awulande umqulu; wawukhipha ekamelweni lika-Elishama umbhali. UJehudi wawufunda ezindlebeni zenkosi nasezindlebeni zazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini.

22. Inkosi yayihlezi endlini yobusika ngenyanga yesishiyagalolunye, iziko elivuthayo liphambi kwayo.

23. Kwathi lapho uJehudi esefundile amakhasi amathathu noma amane, yawasika ngommese womlobi, yawaphonsa emlilweni oseziko, waze waphela wonke umqulu emlilweni oseziko.

24. Azesabanga, aziklebhulanga izingubo zazo, inkosi nezinceku zayo ezaziwezwa onke lawa mazwi.

25. O-Elinathani noDelaya noGemariya babekhulekile enkosini ukuba ingashisi umqulu, kepha ayibezwanga.

26. Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi, noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka-Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla.

27. Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, inkosi isishisile umqulu namazwi awaloba uBaruki, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, lithi:

28. “Buya, uzithathele omunye umqulu, ulobe kuwo onke amazwi okuqala ayesemqulwini wokuqala, awushisa uJehoyakimi inkosi yakwaJuda.

29. NgoJehoyakimi inkosi yakwaJuda uyakusho uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwushisile lo mqulu ngokuthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBabele iyakufika nokufika ukuchitha leli zwe, yenze ukuba kuphele kulo abantu nezilwane, na?”

30. Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi inkosi yakwaJuda, uthi: Akayikuba namuntu wokuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakuntshingwa ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.

Ujeremiya 36