14. Ngalokho zonke izikhulu zathuma uJehudi indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKushi kuBaruki, zathi: “Umqulu owufundileyo ezindlebeni zabantu wuthathe ngesandla sakho, uze nawo.” UBaruki indodana kaNeriya wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, weza kuzo.
15. Zathi kuye: “Ake uhlale phansi, ufunde ezindlebeni zethu.”UBaruki wayesefunda ezindlebeni zazo.
16. Kwathi lapho sezizwile onke amazwi, zaphendukelana ngokwesaba, kwaba yileso naleso kumakhelwane waso, zathi kuBaruki: “Siyakuyitshela nokuyitshela inkosi lawa mazwi.”
17. Zambuza uBaruki, zathi: “Ake usitshele ukuthi wawaloba kanjani onke lawa mazwi, uwathatha emlonyeni wakhe, na?”
18. UBaruki wathi kuzo: “Wawaphumisela onke lawa mazwi kimi ngomlomo wakhe, ngawaloba encwadini ngoyinki.”
19. Zase zithi izikhulu kuBaruki: “Hamba ucashe, wena noJeremiya, kungazi muntu lapho nikhona.”
20. Zase zingena enkosini egcekeni; sezibeke umqulu ekamelweni lika-Elishama umbhali zalanda onke amazwi ezindlebeni zenkosi.
21. Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awulande umqulu; wawukhipha ekamelweni lika-Elishama umbhali. UJehudi wawufunda ezindlebeni zenkosi nasezindlebeni zazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini.
22. Inkosi yayihlezi endlini yobusika ngenyanga yesishiyagalolunye, iziko elivuthayo liphambi kwayo.