Ujeremiya 36:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, leli zwi lafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:

2. “Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo onke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube namuhla.

3. Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa konke okubi engicabanga ukukwenza kuyo ukuba ibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngiyithethelele amacala ayo nezono zayo.”

4. UJeremiya wayesebiza uBaruki indodana kaNeriya; uBaruki waloba emqulwini wencwadi onke amazwi kaJehova ayewakhulume kuye, ewathatha emlonyeni kaJeremiya.

5. UJeremiya wamyala uBaruki ngokuthi: “Ngivalelwe, anginakungena endlini kaJehova.

6. Hamba wena, ufunde emqulwini owulobileyo, uthathe emlonyeni wami, amazwi kaJehova ezindlebeni zabantu endlini kaJehova ngosuku lokuzila ukudla, uwafunde nasezindlebeni zabo bonke abakwaJuda abavela emizini yakubo.

7. Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.”

8. UBaruki indodana kaNeriya wenza njengakho konke uJeremiya umprofethi amyala ngakho, efunda encwadini amazwi kaJehova endlini kaJehova.

9. Kwathi ngomnyaka wesihlanu kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye bonke abantu baseJerusalema nabo bonke abantu ababevela emizini yakwaJuda beza eJerusalema, bamemezela ukuzila ukudla phambi kukaJehova.

10. UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni likaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.

11. UMikhaya indodana kaGemariya kaShafani wezwa onke amazwi kule ncwadi,

12. wehlela endlini yenkosi ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhlezi khona zonke izikhulu, u-Elishama umbhali, noDelaya indodana kaShemaya, no-Elinathani indodana ka-Akibori, noGemariya indodana kaShafani, noSedekiya indodana kaHananiya, zonke izikhulu.

Ujeremiya 36