Ujeremiya 35:16-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Njengokuba amadodana kaJonadaba indodana kaRekabi egcinile umyalo kayise awayala ngawo, kepha laba bantu bengangilalelanga.’

17. “Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kepha kabalalelanga, ngibabizile kepha kabaphendulanga.’ ”

18. UJeremiya wathi kuyo indlu yamaRekabi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngenxa yokuba niwulalele umyalo kaJonadaba uyihlo, nagcina yonke imiyalo yakhe, nenza ngakho konke aniyala ngakho,’

19. ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘UJonadaba indodana kaRekabi akayikunqunyelwa muntu wokuma phambi kwami kuze kube phakade.’ ”

Ujeremiya 35