Ujeremiya 35:10-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Kepha sihlale ematendeni, salalela, senza njengakho konke uJonadaba ubaba asiyala ngakho.

11. Kwathi lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, enyukele ezweni, sathi: ‘Siyakuya nokuya eJerusalema, sisuke empini yamaKaledi nasempini yama-Aramu.’ Sase sakha-ke eJerusalema.”

12. Izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi:

13. “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Aniyikwamukela ukulaywa ukuba niwalalele amazwi ami na?’ usho uJehova.

14. ‘Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.

15. Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo.” Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.

16. Njengokuba amadodana kaJonadaba indodana kaRekabi egcinile umyalo kayise awayala ngawo, kepha laba bantu bengangilalelanga.’

Ujeremiya 35