1. Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:
2. “Yiya endlini yamaRekabi, ukhulume kuwo, uwangenise endlini kaJehova kwelinye lamakamelo ayo, uwaphuzise iwayini.”
3. Ngase ngithatha uJahazaniya indodana kaJeremiya kaHabasiniya nabafowabo, nawo onke amadodana akhe, nayo yonke indlu yamaRekabi,
4. ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu owayeseceleni kwekamelo lezikhulu elaliphezu kwekamelo likaMahaseya indodana kaShalumi, umlindisango.
5. Ngabeka phambi kwamadodana endlu yamaRekabi izimbizana ezigcwele iwayini nezindebe, ngathi kubo: “Phuzani iwayini.”
6. Kepha bathi: “Asiyikuphuza iwayini, ngokuba uJonadaba, indodana kaRekabi ubaba, wasiyala wathi: ‘Aniyikuphuza iwayini, nina namadodana enu, kuze kube nini,
7. futhi ningakhi indlu, ningahlwanyeli imbewu, ningatshali isivini, ningabi naso, ngokuba niyakuhlala ematendeni zonke izinsuku zenu ukuba nihlale izinsuku eziningi lapho nigogobele khona.’
8. Sililalele izwi likaJonadaba indodana kaRekabi ubaba kukho konke asiyala ngakho ukuba singaphuzi iwayini zonke izinsuku zethu, thina nawomkethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu,
9. singakhi izindlu ukuba sihlale kuzo; futhi isivini, nensimu, nembewu asinakho.
10. Kepha sihlale ematendeni, salalela, senza njengakho konke uJonadaba ubaba asiyala ngakho.
11. Kwathi lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, enyukele ezweni, sathi: ‘Siyakuya nokuya eJerusalema, sisuke empini yamaKaledi nasempini yama-Aramu.’ Sase sakha-ke eJerusalema.”