4. Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezindlu zamakhosi akwaJuda ezidilizelwe ukuzivikela kuwo amaduli nenkemba, uthi:
5. ‘Bafika ukulwa namaKaledi, bazigcwalisa ngezidumbu zabantu engibabulele ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nengifihlele lo muzi ubuso bami ngenxa yabo bonke ububi babo.
6. “ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.
7. Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala.
8. Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngithethelele zonke izono zabo abone ngazo kimi nabaphambuke kimi ngazo.
9. Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela khona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’
10. “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile, ayinamuntu nazilwane, nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,
11. izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi:“ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti,ngokuba uJehova muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade,”“ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.
12. “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kuyakubuye kube khona kule ndawo echithekileyo, engenamuntu nazilwane, nakuyo yonke imizi yayo ikhaya labelusi abenza ukuba izimvu zabo zibuthise.
13. Emizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, nasezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda izimvu ziyakubuye zidlule phansi kwezandla zozibalayo,’ usho uJehova.
14. “ ‘Bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘engiyakuliqinisa ngazo izwi elihle engilikhulume ngendlu ka-Israyeli nangendlu kaJuda.
15. “ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathingiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga;liyakwenza ukwahlulela nokulunga emhlabeni.
16. Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa,neJerusalema liyakuhlala lilondekile;yileli gama eliyakubizwa ngalo, elithi:UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.’