Ujeremiya 33:13-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Emizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, nasezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda izimvu ziyakubuye zidlule phansi kwezandla zozibalayo,’ usho uJehova.

14. “ ‘Bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘engiyakuliqinisa ngazo izwi elihle engilikhulume ngendlu ka-Israyeli nangendlu kaJuda.

15. “ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathingiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga;liyakwenza ukwahlulela nokulunga emhlabeni.

16. Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa,neJerusalema liyakuhlala lilondekile;yileli gama eliyakubizwa ngalo, elithi:UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.’

17. “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Akuyikunqunywa kuDavide umuntu oyakuhlala esihlalweni sobukhosi sendlu ka-Israyeli,

18. kunganqunywa futhi kubapristi amaLevi umuntu phambi kwami oyakunikela ngeminikelo yokushiswa, ashise iminikelo yempuphu, anikele ngemihlatshelo izinsuku zonke.’ ”

19. Izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi:

20. “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uma naphula isivumelwano sami semini nesivumelwano sami sobusuku, kuze kungabikho imini nobusuku ngesikhathi sakho,

21. khona isivumelwano sami noDavide inceku yami siyakwaphulwa ukuze angabi nandodana yokubusa esihlalweni sakhe sobukhosi, kanye namaLevi abapristi, izikhonzi zami.

22. Njengebandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.’ ”

23. Izwi likaJehova labuye lafika kuJeremiya, lathi:

24. “Awunakanga yini abakukhulumileyo laba bantu, bethi: ‘Imindeni yomibili ayikhethayo uyilahlile’ na? Base bebadelela abantu bami, baze bangabe besaba yisizwe ngaphambi kwabo.

25. Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uma isivumelwano sami semini nesobusuku singemi, ngingamisanga izimiso zezulu nomhlaba,

26. ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka-Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.’ ”

Ujeremiya 33