1. Izwi likaJehova lafika kuJeremiya ngokwesibili, esavalelwe egcekeni letilongo, lathi:
2. “Usho kanje uJehova okwenzayo, uJehova okubumbayo ukuba akuqinise, nguJehova igama lakhe, uthi:
3. ‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’
4. Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezindlu zamakhosi akwaJuda ezidilizelwe ukuzivikela kuwo amaduli nenkemba, uthi:
5. ‘Bafika ukulwa namaKaledi, bazigcwalisa ngezidumbu zabantu engibabulele ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nengifihlele lo muzi ubuso bami ngenxa yabo bonke ububi babo.
6. “ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.
7. Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala.