31. Ngokuba lo muzi uvuse intukuthelo yami nokufutheka kwami, kusukela osukwini abawakha ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngiwususe ebusweni bami,
32. ngenxa yakho konke okubi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda abakwenzileyo ukuba bangicunule, bona namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo, namadoda akwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.
33. Bangifulathele, abangibhekanga; noma ngabafundisa ngibaxwayisa njalonjalo, abalalelanga ukuba bamukele ukulaywa.
34. Kepha bazibeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.
35. Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.
36. “Ngalokho manje usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngalo muzi enithi ngawo: ‘Unikelwe esandleni senkosi yaseBabele ngenkemba, nangendlala, nangesifo,’ uthi:
37. Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yami, nangokufutheka kwami, nangolaka olukhulu, ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,
38. babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo,
39. ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.
40. Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.
41. Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.
42. “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Njengalokhu ngehlisele phezu kwalaba bantu konke lokhu okubi, kanjalo ngiyakubehlisela konke okuhle engikukhulume kubo.
43. Amasimu ayakuthengwa kuleli zwe enisho ngalo ukuthi liyincithakalo, lapho kungekho muntu nazilwane khona, nokuthi linikelwe esandleni samaKaledi.
44. Amasimu ayakuthengwa ngemali, kulotshwe encwadini, kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.”