Ujeremiya 32:22-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. wabanika leli zwe, njengalokho afunga koyise ukubanika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi;

23. bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.

24. “Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.

25. Wena Nkosi Jehova, noma umuzi unikelwe esandleni samaKaledi, washo kimi, wathi: ‘Zithengele insimu ngemali, uzifakazisele.’ ”

26. Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, lithi:

27. “Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?

28. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni samaKaledi nasesandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, awuthathe.

29. AmaKaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele lo muzi ngomlilo, awushise kanye nalezo zindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.

30. “Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela emehlweni ami kwasebuntwaneni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunulile kuphela ngemisebenzi yezandla zabo, usho uJehova.

31. Ngokuba lo muzi uvuse intukuthelo yami nokufutheka kwami, kusukela osukwini abawakha ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngiwususe ebusweni bami,

32. ngenxa yakho konke okubi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda abakwenzileyo ukuba bangicunule, bona namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo, namadoda akwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.

33. Bangifulathele, abangibhekanga; noma ngabafundisa ngibaxwayisa njalonjalo, abalalelanga ukuba bamukele ukulaywa.

Ujeremiya 32