Ujeremiya 32:10-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso.

11. Ngayithatha incwadi yokuthenga, enamathelisiweyo enemithetho nezimiso, nevulekileyo,

12. nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababelobe incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo.

13. “Ngamyala uBaruki phambi kwabo, ngathi:

14. ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Thatha lezi zincwadi, le ncwadi yokuthenga enamathelisiweyo nale ncwadi evulekileyo, uzifake ezitsheni zebumba ukuba zihlale izinsuku eziningi.

15. Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Kuyakubuye kuthengwe izindlu namasimu nezivini kuleli zwe.’

16. “Sengiyinike uBaruki indodana kaNeriya incwadi yokuthenga ngakhuleka kuJehova, ngathi:

17. “E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo

18. wena owenza umusa kubo abayizinkulungwane, ophindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, ogama lakho linguNkulunkulu omkhulu oyiqhawe, uJehova Sebawoti,

19. omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;

Ujeremiya 32