Ujeremiya 32:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ngomnyaka weshumi kaSedekiya inkosi yakwaJuda, owawungumnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari.

2. Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema; uJeremiya umprofethi wayevalelwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda,

3. lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda ebemvalele khona ngokuthi: “Uprofethelani uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwuthathe,

4. uSedekiya inkosi yakwaJuda angaphunyuki esandleni samaKaledi, kepha anikelwe nokunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, akhulume nayo umlomo nomlomo, amehlo akhe awabone amehlo ayo,

5. yona imyise uSedekiya eBabele, abe khona lapho ngize ngimhambele, usho uJehova; noma nilwa namaKaledi, aniyikuphumelela na?’ ”

6. UJeremiya wathi: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

7. Bheka, uHanameli indodana kaShalumi uyihlokazi uyakufika kuwe, athi: ‘Zithengele insimu yami ese-Anathoti, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.’

Ujeremiya 32