16. Usho kanje uJehova, uthi:“Bamba izwi lakho, ungakhali,amehlo akho angabi nazinyembezi,ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova,“babuye ezweni lesitha.
17. Kukhona ithemba lokugcina kwakho,” usho uJehova;“abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.
18. “Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela,ethi: ‘Ungishayile,ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka;ngibuyise ukuba ngibuye,ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.
19. Impela lapho sengibuyisiwe, ngazisola,nalapho ngifundisiwe,ngashaya ithanga lami,ngaba namahloni, yebo, ngajabha,ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.’
20. U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi,ungumntwana othandekayo na?Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye,ngisamkhumbula nokumkhumbula;ngalokho izibilini zami ziyamhawukela;ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.
21. “Zibekele amatshe,zimisele iziqondiso zendlela;yibeke inhliziyo yakho emendweni,indlela owahamba ngayo;buya, ntombi yakwa-Israyeli,ubuyele kule mizi yakho.
22. Koze kube nini uhambahambawena ndodakazi ehlubukayo na?Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni:owesifazane uyakuyihaqa indoda.”
23. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: ‘UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’
24. UJuda nayo yonke imizi yakhe bayakuhlala kulo ndawonye, abalimi nabahamba nemihlambi.
25. Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.”
26. Kulokhu ngase ngivuka, ngabheka; ubuthongo bami babumnandi kimi.
27. “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhlwanyela indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngembewu yabantu nangembewu yezinkomo.
28. Kuyakuthi njengalokhu ngibalindile ukuba ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibachithe, ngibahluphe, kanjalo ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” usho uJehova.
29. “Ngalezo zinsuku abasayikusho ukuthi:“ ‘Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu,amazinyo abantwana aba bushelezi.’
30. “Ngokuba yilowo nalowo uyakufa ngobubi bakhe; bonke abantu abazidla izithelo zomvini ezimuncu amazinyo abo ayakuba buthuntu.