Ujeremiya 31:15-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Usho kanje uJehova, uthi:“Izwi liyezwakala eRama,ukulila nokukhala okumunyu,uRaheli ekhalela abantwana bakhe;uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe,ngokuba abasekho.”

16. Usho kanje uJehova, uthi:“Bamba izwi lakho, ungakhali,amehlo akho angabi nazinyembezi,ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova,“babuye ezweni lesitha.

17. Kukhona ithemba lokugcina kwakho,” usho uJehova;“abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.

18. “Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela,ethi: ‘Ungishayile,ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka;ngibuyise ukuba ngibuye,ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.

19. Impela lapho sengibuyisiwe, ngazisola,nalapho ngifundisiwe,ngashaya ithanga lami,ngaba namahloni, yebo, ngajabha,ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.’

20. U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi,ungumntwana othandekayo na?Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye,ngisamkhumbula nokumkhumbula;ngalokho izibilini zami ziyamhawukela;ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.

21. “Zibekele amatshe,zimisele iziqondiso zendlela;yibeke inhliziyo yakho emendweni,indlela owahamba ngayo;buya, ntombi yakwa-Israyeli,ubuyele kule mizi yakho.

22. Koze kube nini uhambahambawena ndodakazi ehlubukayo na?Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni:owesifazane uyakuyihaqa indoda.”

23. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: ‘UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’

24. UJuda nayo yonke imizi yakhe bayakuhlala kulo ndawonye, abalimi nabahamba nemihlambi.

25. Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.”

Ujeremiya 31