Ujeremiya 31:14-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Ngiyakudelisa umphefumulo wabapristi ngamanoni,abantu bami basuthe ngokuhle kwami,” usho uJehova.

15. Usho kanje uJehova, uthi:“Izwi liyezwakala eRama,ukulila nokukhala okumunyu,uRaheli ekhalela abantwana bakhe;uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe,ngokuba abasekho.”

16. Usho kanje uJehova, uthi:“Bamba izwi lakho, ungakhali,amehlo akho angabi nazinyembezi,ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova,“babuye ezweni lesitha.

17. Kukhona ithemba lokugcina kwakho,” usho uJehova;“abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.

18. “Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela,ethi: ‘Ungishayile,ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka;ngibuyise ukuba ngibuye,ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.

19. Impela lapho sengibuyisiwe, ngazisola,nalapho ngifundisiwe,ngashaya ithanga lami,ngaba namahloni, yebo, ngajabha,ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.’

20. U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi,ungumntwana othandekayo na?Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye,ngisamkhumbula nokumkhumbula;ngalokho izibilini zami ziyamhawukela;ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.

Ujeremiya 31