10. “Zwanini izwi likaJehova nina zizwe,nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi:‘Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbuthaamlondoloze njengomalusi umhlambi wakhe.’
11. Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe,wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.
12. Bayakufika, bahlabelele ngokujabulaekuphakameni kwaseSiyoni,bagobhozele kukho okuhle kukaJehova,yebo, emabeleni, nasewayinini,nasemafutheni,nakuwo amazinyane ezimvu nawezinkomo,umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo,bangabe besaba nosizi futhi.
13. Khona intombi iyakuthokoza ekusineni,nezinsizwa nabadala kanyekanye;ngiyakuphendula ukukhala kwabokube ngukujabula,ngibaduduze, ngibathokozise,bangabe besaba nosizi.
14. Ngiyakudelisa umphefumulo wabapristi ngamanoni,abantu bami basuthe ngokuhle kwami,” usho uJehova.
15. Usho kanje uJehova, uthi:“Izwi liyezwakala eRama,ukulila nokukhala okumunyu,uRaheli ekhalela abantwana bakhe;uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe,ngokuba abasekho.”
16. Usho kanje uJehova, uthi:“Bamba izwi lakho, ungakhali,amehlo akho angabi nazinyembezi,ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova,“babuye ezweni lesitha.
17. Kukhona ithemba lokugcina kwakho,” usho uJehova;“abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.
18. “Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela,ethi: ‘Ungishayile,ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka;ngibuyise ukuba ngibuye,ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.
19. Impela lapho sengibuyisiwe, ngazisola,nalapho ngifundisiwe,ngashaya ithanga lami,ngaba namahloni, yebo, ngajabha,ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.’
20. U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi,ungumntwana othandekayo na?Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye,ngisamkhumbula nokumkhumbula;ngalokho izibilini zami ziyamhawukela;ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.
21. “Zibekele amatshe,zimisele iziqondiso zendlela;yibeke inhliziyo yakho emendweni,indlela owahamba ngayo;buya, ntombi yakwa-Israyeli,ubuyele kule mizi yakho.
22. Koze kube nini uhambahambawena ndodakazi ehlubukayo na?Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni:owesifazane uyakuyihaqa indoda.”
23. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: ‘UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’
24. UJuda nayo yonke imizi yakhe bayakuhlala kulo ndawonye, abalimi nabahamba nemihlambi.
25. Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.”
26. Kulokhu ngase ngivuka, ngabheka; ubuthongo bami babumnandi kimi.