Ujeremiya 30:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. kepha bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo,noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.

10. “ ‘Ungesabi wena Jakobe,nceku yami,’ usho uJehova,‘ungapheli amandla, Israyeli,ngokuba bheka,ngiyakukusindisa usekude,nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo;uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke,angesatshiswa muntu.

11. Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova,‘ukuba ngikusindise,ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyozonke izizwe engikuhlakazele kuzo,kepha wena angiyikukuqeda,kodwa ngiyakukulayangokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’

12. “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa,nesilonda sakho sinzima.

13. Akakho omela icala lakho ukuba uboshwe;umuthi wokuphilisa awunawo.

14. Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe,azisakufuni,ngokuba ngikushayile ngokushaywakwezitha, ngokulaywa kononya,ngenxa yobuningi bokona kwakho,nangokuba izono zakho zandile.

Ujeremiya 30