Ujeremiya 30:18-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. “Usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Bheka,ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe,ngiwahawukele amakhaya akhe;umuzi uyakwakhiwa edumeni lawo,indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.

19. Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo;ngiyakubenza babe baningi,bangabi ngabayingcosana,ngibadumise, bangeyiswa.

20. Abantwana bakhe bayakuba njengakuqala,ibandla lakhe lime phambi kwami,ngijezise bonke abamcindezelayo.

21. Isikhulu sakhe siyakuba ngesiphuma kuye,nombusi wakhe uyakuvela phakathi kwakhe;ngiyakumsondeza, asondele kimi,ngokuba ngubani oke waba nesibindisokusondela kimi na?’ usho uJehova.

22. “ ‘Niyakuba ngabantu bami,mina ngibe nguNkulunkulu wenu.’ ”

23. Bheka, isivunguvungu sikaJehova!Ukufutheka kwakhe kuphumile,isivunguvungu esichithayo;siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi.

Ujeremiya 30