Ujeremiya 30:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:

2. “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Loba encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe.

3. Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”

4. Nanka amazwi uJehova awakhulumayo ngo-Israyeli nangoJuda.

5. “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Sizwile izwi lokuthuthumela,elokwesaba kungengelokuthula.

6. Ake nibuze, nibone, uma owesilisawake wabeletha na?Ngibonelani onke amadodaenezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo,ubuso bonke buphaphathekile, na?

7. Maye, lukhulu lolo suku,alukho olunjengalo!Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe,kepha uyakusindiswa kukho.

8. “ ‘Kuyakuthi ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti,‘ngilaphule ijoka entanyeni yabo,ngigqabule izibopho zabo,abafokazi bangabe besabakhonzisa,

9. kepha bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo,noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.

10. “ ‘Ungesabi wena Jakobe,nceku yami,’ usho uJehova,‘ungapheli amandla, Israyeli,ngokuba bheka,ngiyakukusindisa usekude,nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo;uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke,angesatshiswa muntu.

11. Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova,‘ukuba ngikusindise,ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyozonke izizwe engikuhlakazele kuzo,kepha wena angiyikukuqeda,kodwa ngiyakukulayangokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’

Ujeremiya 30