Ujeremiya 3:3-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngalokho izihlambi zinqandiwe,nemvula yamuva ayibangakho.Nokho wawunebunzi lesifebe,wala ukuba namahloni.

4. Awusand' ukukhala kimi ukuthi:‘Baba, wena ungumngane wobusha bami, na?

5. Uyakuhlala enentukuthelo njalonjalo,ayigcine kuze kube nini na?’Bheka, ukhuluma kanjalo;uyenza okubi, uyaphumelela.”

6. UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi: “Ubonile okwenziwe ngu-Israyeli ohlehlayo na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.

7. Ngathi uzakubuyela kimi esekwenzile konke lokhu, kodwa akabuyanga; udadewabo okhohlisayo, uJuda, wakubona.

8. Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,

9. nangokuzwakala kokufeba kwakhe langcoliswa izwe, waphinga nemithi namatshe.

10. Kepha kukho konke lokhu udadewabo okhohlisayo, uJuda, akabuyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kuphela ngokuzenzisa nje,” usho uJehova.

11. Wayesethi uJehova kimi: “U-Israyeli ohlehlayo ubonakele elungile kunoJuda okhohlisayo.

Ujeremiya 3