17. Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi.
18. Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.
19. “Mina bengithi:“ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana,ngikuphe izwe elinxanelekayo,ifa elihle kakhulu ezizweni!’Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’,ningabuyi ekungilandeleni.
20. Impela njengomfazi emkhohlisa umyeni,kanjalo ningikhohlisilenina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova.