Ujeremiya 3:16-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Kuyakuthi lapho nanda, nichume ezweni, ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangasayikusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova;’ awuyikungena enhliziyweni, abayikuwukhumbula; abayikuwuswela, akusayikwenziwa omusha.

17. Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi.

18. Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.

19. “Mina bengithi:“ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana,ngikuphe izwe elinxanelekayo,ifa elihle kakhulu ezizweni!’Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’,ningabuyi ekungilandeleni.

20. Impela njengomfazi emkhohlisa umyeni,kanjalo ningikhohlisilenina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova.

21. Izwi liyezwakala emadulini angenalutho,ukukhala nokukhuleka kwabantwana bakwa-Israyeli,ngokuba bayihlanekezele indlela yabo,bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.

22. “Buyani nina bantwana abahlehlayo,ngikuphulukise ukuhlehla kwenu.”“Bheka, sesifikile kuwe,ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.

23. Impela amagquma ayizekanye nomsindo wasezintabeni.Ngokwempela ukusindiswa kuka-IsrayelikukuJehova uNkulunkulu wethu.

24. UBosheti* uqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu,izimvu zabo, nezinkomo zabo,namadodana abo, namadodakazi abo.

Ujeremiya 3