16. Kuyakuthi lapho nanda, nichume ezweni, ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangasayikusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova;’ awuyikungena enhliziyweni, abayikuwukhumbula; abayikuwuswela, akusayikwenziwa omusha.
17. Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi.
18. Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.
19. “Mina bengithi:“ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana,ngikuphe izwe elinxanelekayo,ifa elihle kakhulu ezizweni!’Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’,ningabuyi ekungilandeleni.