Ujeremiya 29:22-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: ‘UJehova makakwenze ukuba ube njengoSedekiya no-Ahabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,’

23. ngokuba benzile ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo, ngingufakazi,” usho uJehova.

24. KuShemaya waseNehelamu uyakusho ukuthi:

25. “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngenxa yokuba uthumile egameni lakho izincwadi kubo bonke abantu baseJerusalema, nakuZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, nakubo bonke abapristi, ngokuthi:

26. ‘UJehova ukubeke umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi ukuba nibe yizinduna zabo bonke abantu abahlanyayo nabaprofethayo endlini kaJehova ukuze ubafake esitokisini* nasemaketangeni;

27. manje awumsolanga ngani uJeremiya wase-Anathoti, oprofetha kini na?

28. Ngokuba ngalokho uthumile kithi eBabele, wathi: Kuse kude; yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo.’ ”

29. UZefaniya umpristi wayifunda le ncwadi ezindlebeni zikaJeremiya umprofethi.

30. Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, lithi:

31. “Thuma kubo bonke abathunjwa, uthi: ‘Usho kanje uJehova ngoShemaya waseNehelamu, uthi: Ngenxa yokuba uShemaya eprofethile kini, mina ngingamthumile, wanenza ukuba nethembe emangeni,

Ujeremiya 29