1. Nanka amazwi encwadi uJeremiya, umprofethi, ayithumayo eseJerusalema kuyo insali yamalunga athunjiweyo, nakubapristi, nakubaprofethi, nakubo bonke abantu ayebathumbile uNebukadinesari eJerusalema, wabayisa eBabele,
2. sebesukile uJekoniya inkosi, nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi eJerusalema,
3. ngesandla sika-Eleyasa indodana kaShafani noGemariya indodana kaHilikiya abathunywa nguSedekiya, inkosi yakwaJuda, eBabele kuNebukadinesari inkosi yaseBabele, athi:
4. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, kubo bonke abathunjwa engibenzile ukuba bathunjwe eJerusalema, bayiswe eBabele, uthi:
5. “Yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo;