Ujeremiya 27:8-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. “ ‘ “Kuyakuthi isizwe nombuso okungayikumkhonza yena, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kungabeki intamo yakho phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, leso sizwe ngisijezise, usho uJehova, ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngize ngisiqede ngesandla sakhe.

9. Kepha nina ningabalaleli abaprofethi benu, nababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’

10. ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini, nginixoshe, niphele.

11. Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso, usho uJehova, sililime, sihlale kulo.” ’ ”

12. Ngakhuluma kuSedekiya inkosi yakwaJuda njengawo onke lawa mazwi, ngathi: “Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.

13. Niyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, nangendlala, nangesifo, njengalokho uJehova ekhulumile ngesizwe esingayikuyikhonza inkosi yaseBabele, na?

14. Ningawalaleli amazwi abaprofethi ababesho kini ukuthi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’ ngokuba baprofetha amanga kini.

15. ‘Ngokuba angibathumanga,’ usho uJehova; ‘baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.’ ”

16. Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngithi: “Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: ‘Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane.’ Ngokuba baprofetha amanga kini.

17. Ningabalaleli; khonzani inkosi yaseBabele nize niphile; ubuyakuchithelwani lo muzi na?

18. Kepha uma bengabaprofethi, uma izwi likaNkulunkulu likubo, mabamnxuse uJehova Sebawoti, ukuba izitsha ezisele endlini kaJehova, nasendlini yenkosi yakwaJuda, naseJerusalema zingayi eBabele.

19. Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ngezinsika, nangolwandle, nangezinqe, nangensali yezitsha ezisele kulo muzi,

20. angazithathanga uNebukadinesari inkosi yaseBabele ekuthumbeni kwakhe uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, wamyisa eBabele nabakhulu bonke bakwaJuda nabaseJerusalema;

Ujeremiya 27