Ujeremiya 27:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika leli zwi kuJeremiya livela kuJehova, lathi:

2. Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Zenzele izintambo namajoka, ukubeke entanyeni yakho,

3. ukuthume enkosini yakwa-Edomi, nasenkosini yakwaMowabi, nasenkosini yabantwana bakwa-Amoni, nasenkosini yaseTire, nasenkosini yaseSidoni ngesandla sezithunywa ezifika eJerusalema kuSedekiya inkosi yakwaJuda,

Ujeremiya 27