1. Ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika leli zwi kuJeremiya livela kuJehova, lathi:
2. Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Zenzele izintambo namajoka, ukubeke entanyeni yakho,
3. ukuthume enkosini yakwa-Edomi, nasenkosini yakwaMowabi, nasenkosini yabantwana bakwa-Amoni, nasenkosini yaseTire, nasenkosini yaseSidoni ngesandla sezithunywa ezifika eJerusalema kuSedekiya inkosi yakwaJuda,
4. uziyale ukuba zithi emakhosini azo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Niyakusho kanje emakhosini enu, nithi:
5. Mina ngenzile umhlaba, nomuntu, nesilwane okukhona emhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami eyeluliweyo, ngiwunika lowo ofanele emehlweni ami.
6. Manje senginikele onke lawa mazwe esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, inceku yami; futhi ngiyakumnika izilwane zasendle ukuba zimkhonze.
7. Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu babakhonzise.
8. “ ‘ “Kuyakuthi isizwe nombuso okungayikumkhonza yena, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kungabeki intamo yakho phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, leso sizwe ngisijezise, usho uJehova, ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngize ngisiqede ngesandla sakhe.
9. Kepha nina ningabalaleli abaprofethi benu, nababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’
10. ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini, nginixoshe, niphele.
11. Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso, usho uJehova, sililime, sihlale kulo.” ’ ”