Kwakukhona nomunye umuntu owaprofetha egameni likaJehova, u-Uriya indodana kaShemaya waseKiriyathi Jeharimi; waprofetha ngalo muzi nangaleli zwe njengawo onke amazwi kaJeremiya.