Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, naphezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”