Ujeremiya 25:5-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. lapho kwathiwa: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade,

6. ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu; khona angiyikunenzela okubi.

7. “Kepha aningilalelanga,” usho uJehova, “naze nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu, kwaba kubi kini.”

8. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngenxa yokuba ningawalalelanga amazwi ami,

Ujeremiya 25