23. iDedani, neThema, neBuzi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,
24. nawo onke amakhosi ase-Arabiya, nawo onke amakhosi engxubevange yabantu ehlala ehlane,
25. nawo onke amakhosi aseZimri, nawo onke amakhosi ase-Elamu, nawo onke amakhosi aseMediya,
26. nawo onke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.
27. “Uyakusho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.’
28. Kuyakuthi lapho bala ukuthatha indebe esandleni sakho ukuba bayiphuze, usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Impela niyakuphuza.
29. Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami; nina beniyakuba ngabangenacala na? Aniyikuba ngabangenacala, ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova Sebawoti.’