18. iJerusalema nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikwenze kube yincithakalo, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nesiqalekiso njenganamuhla;
19. kanye noFaro inkosi yaseGibithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabantu bakhe bonke,
20. nayo yonke ingxubevange yabantu; onke amakhosi ase-Uzi, nawo onke amakhosi asezweni lamaFilisti e-Ashikeloni, naseGaza, nase-Ekroni, nensali yase-Ashidodi;
21. o-Edomi, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni,
22. nawo onke amakhosi aseTire, nawo onke amakhosi aseSidoni, namakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle;
23. iDedani, neThema, neBuzi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,
24. nawo onke amakhosi ase-Arabiya, nawo onke amakhosi engxubevange yabantu ehlala ehlane,
25. nawo onke amakhosi aseZimri, nawo onke amakhosi ase-Elamu, nawo onke amakhosi aseMediya,
26. nawo onke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.
27. “Uyakusho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.’