1. UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa eBabele.
2. Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo.
3. Wayesethi uJehova kimi: “Ubonani, Jeremiya, na?”Ngathi: “Amakhiwane; amahle, ngamahle kakhulu, namabi ngamabi kakhulu, enganakudliwa ngobubi bawo.”