Ujeremiya 23:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “abangasayikusho ngazo ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’

8. kepha ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona.’ Iyakwakha ezweni lakubo.”

9. Ngabaprofethi.Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami,amathambo onke ami ayathuthumela;nginjengomuntu odakiweyo,njengomuntu owahlulwe yiwayiningenxa kaJehovanangenxa yamazwi akhe angcwele.

10. Ngokuba izwe ligcwele iziphingi;izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso;amadlelo asehlane omile.Ukuhamba kwabo kubi,namandla abo awalungile.

11. “Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu;nasendlini ngifumene okubi kwabo,” usho uJehova.

12. “Ngalokho indlela yaboiyakuba yizindawo ezibushelelezi;bayakusunduzwa ebumnyameni,bawe kubo,ngokuba ngiyakubehlisela okubingomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.

13. “Kubaprofethi baseSamariya ngibonile ubuwula:baprofetha ngoBali,bedukisa abantu bami u-Israyeli.

14. Nakubaprofethi baseJerusalemangibonile okwesabekayo:bayaphinga, bahamba ngamanga,baqinisa izandla zababi,ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe;bonke banjengeSodoma kimi,nabakhileyo kulo banjengeGomora.”

15. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi:“Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane,baphuze amanzi enyongo,ngokuba ukungabi naNkulunkulukuphume kubaprofethi,kwaya ezweni lonke.”

Ujeremiya 23