3. “Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.
4. Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa,” usho uJehova.
5. “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.
6. Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.
7. “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “abangasayikusho ngazo ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’
8. kepha ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona.’ Iyakwakha ezweni lakubo.”