3. “Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.
4. Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa,” usho uJehova.
5. “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.
6. Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.
7. “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “abangasayikusho ngazo ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’
8. kepha ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona.’ Iyakwakha ezweni lakubo.”
9. Ngabaprofethi.Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami,amathambo onke ami ayathuthumela;nginjengomuntu odakiweyo,njengomuntu owahlulwe yiwayiningenxa kaJehovanangenxa yamazwi akhe angcwele.
10. Ngokuba izwe ligcwele iziphingi;izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso;amadlelo asehlane omile.Ukuhamba kwabo kubi,namandla abo awalungile.
11. “Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu;nasendlini ngifumene okubi kwabo,” usho uJehova.
12. “Ngalokho indlela yaboiyakuba yizindawo ezibushelelezi;bayakusunduzwa ebumnyameni,bawe kubo,ngokuba ngiyakubehlisela okubingomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.
13. “Kubaprofethi baseSamariya ngibonile ubuwula:baprofetha ngoBali,bedukisa abantu bami u-Israyeli.
14. Nakubaprofethi baseJerusalemangibonile okwesabekayo:bayaphinga, bahamba ngamanga,baqinisa izandla zababi,ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe;bonke banjengeSodoma kimi,nabakhileyo kulo banjengeGomora.”
15. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi:“Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane,baphuze amanzi enyongo,ngokuba ukungabi naNkulunkulukuphume kubaprofethi,kwaya ezweni lonke.”
16. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Ningawalaleli amazwi abaprofethiabaprofetha kini;banifundisa okuyize,bakhuluma umbono wenhliziyo yabo,kungengokuvela emlonyeni kaJehova.
17. Bazinge bethi kwabangidelelayo:UJehova ukhulumile uthi:‘Niyakuba nokuthula.’Kubo bonke abahamba ngenkaniyenhliziyo yabo bathi:‘Aniyikwehlelwa ngokubi.’
18. Ngokuba ngubani owake wemaemkhandlwini kaJehova ukuba abone,ezwe izwi lakhe na?Ngubani oqaphele izwi lakhe,walizwa, na?
19. Bheka,isivunguvungu sikaJehovaesinokufutheka siphumile;isivunguvungu esiyisikhwishikhwishisehlele phezu kwamakhanda ababi.
20. Intukuthelo kaJehova ayiyikubuyaaze enze,aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe;ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda.
21. Mina angibathumanga abaprofethi,nokho bagijima;bengingakhulumile kubo,nokho baprofetha.
22. Uma bebemi emkhandlwini wami,nga bezwisile abantu bami amazwi ami,bababuyise endleleni yabo embi,nasebubini bezenzo zabo.