18. Ngokuba ngubani owake wemaemkhandlwini kaJehova ukuba abone,ezwe izwi lakhe na?Ngubani oqaphele izwi lakhe,walizwa, na?
19. Bheka,isivunguvungu sikaJehovaesinokufutheka siphumile;isivunguvungu esiyisikhwishikhwishisehlele phezu kwamakhanda ababi.
20. Intukuthelo kaJehova ayiyikubuyaaze enze,aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe;ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda.
21. Mina angibathumanga abaprofethi,nokho bagijima;bengingakhulumile kubo,nokho baprofetha.
22. Uma bebemi emkhandlwini wami,nga bezwisile abantu bami amazwi ami,bababuyise endleleni yabo embi,nasebubini bezenzo zabo.
23. “NginguNkulunkulu eduze yini,” usho uJehova,“ngingesiye uNkulunkulu kude na?
24. Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyoukuze ngingamboni na?” usho uJehova.“Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.
25. “Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’
26. Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga, bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo,
27. abacabanga ukwenza ukuba abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngenxa kaBali, na?
28. Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na?” usho uJehova.
29. “Izwi lami alinjengomlilo yini,” usho uJehova, “nanjengesando esaphula itshe na?
30. “Ngalokho bheka, ngimelene nabaprofethi,” usho uJehova, “abeba amazwi ami, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe.