Ujeremiya 23:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Wo kubo abelusi abachitha, bazihlakaze izimvu zedlelo lami!” usho uJehova.

2. Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nihlakazile izimvu zami, nazixosha, anizihambelanga. Bhekani, ngiyakuhambela ububi bezenzo zenu kini,” usho uJehova.

3. “Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.

4. Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa,” usho uJehova.

5. “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.

6. Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.

Ujeremiya 23