Ujeremiya 23:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Wo kubo abelusi abachitha, bazihlakaze izimvu zedlelo lami!” usho uJehova.

2. Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nihlakazile izimvu zami, nazixosha, anizihambelanga. Bhekani, ngiyakuhambela ububi bezenzo zenu kini,” usho uJehova.

3. “Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.

4. Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa,” usho uJehova.

5. “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.

6. Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.

7. “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “abangasayikusho ngazo ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’

8. kepha ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona.’ Iyakwakha ezweni lakubo.”

9. Ngabaprofethi.Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami,amathambo onke ami ayathuthumela;nginjengomuntu odakiweyo,njengomuntu owahlulwe yiwayiningenxa kaJehovanangenxa yamazwi akhe angcwele.

10. Ngokuba izwe ligcwele iziphingi;izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso;amadlelo asehlane omile.Ukuhamba kwabo kubi,namandla abo awalungile.

11. “Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu;nasendlini ngifumene okubi kwabo,” usho uJehova.

12. “Ngalokho indlela yaboiyakuba yizindawo ezibushelelezi;bayakusunduzwa ebumnyameni,bawe kubo,ngokuba ngiyakubehlisela okubingomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.

Ujeremiya 23